Ukuvusa Umuzi

Lulunye kuncwaba, siyakhuleka bantwana bokhokho nokhokhokazi.
Ukuvusa umuzi kusuke kuvuswa abantu abadala abasake babakhona kulelogceke.
Ukugana komuntu wesifazane kusuke kuzovuswa abantu phakathi kwegceke. Uma uthi ucela intokazi izokuvusela umuzi, kusuke kuzovuswa abasake babakhona kulelogceke.
Thina bantu esiphilayo kasinalo ilungelo nezinqumo ngokutholakala kwabantu, ukuzaleka kwabantwana. Abantu abadala okufanele benze izinqumo ngokutholakala kwabantwana…
Yebo isikhathi sesihlukile, kasisafani nesokhokho bethu. Kodwa ukuzaleka komuntu kunesizathu esithize, umkhuba wokuvala inzalo empeleni kuphambene nosiko lwethu kwaNtu!
Ngenkathi egana umuntu wesimame, usuke ezovusa abantu bakulelogceke… Ingakho kuyaye kwenzeke uma kuzelwe ingane, ethi angayibona uGogo wayo ababaze athi yaze yafana nosbanibani ingane, esho umuntu okade ashona nathi esingamazi.
Ivale mfana, ijule kakhulu lendaba! Idinga obhemayo adonse inqawe yakhe atshuze abheke phezulu, onedosha lakhe aqongqothe antengule.
Emakhosini
